UNkulunkulu uBaba akabonakali futhi akanasimo, ngakho-ke yini isandla Sakhe sokunene?



UNkulunkulu uBaba akabonakali futhi akanasimo. Ngakho-ke Uhlale phakathi kweNdoda ekahle kakhulu uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, ukuze sibone ukuthi uNkulunkulu angaba njani umangabe ebe nguMuntu.

First published on the 19th of July 2018 — Last updated on the 5th of April 2019

U-Einstein uchaze ukukhanya ngendlela ezimbili ezahlukeneyo. Ngesinye isikhathi uthe kuziphatha njengamaza. Ngezinye izikhathi, uphinde achaze ukuthi kuziphatha njenge ntuluntulu yezinhlayiya. Kepha lokho kwaku yingxenye yobuhlakani bakhe. Wathanda ukwamukela imvelo yokukhanya engajwayelekile, wakhetha noma isiphi isici semvelo esibhekise kahle kakhulu kulenkinga awayezama ukuyixazulula.

Namhlanje bonke Oososayensi bamukela lokhu okubizwa "ngombaxambili" lwemvelo yokukhanya. UkuKhanya kungaziphatha njengaMaza noma njengeZinhlayiya.

Ngezinye izikhathi Oososayensi babona ukukhanya njengamaza, kanje ngamaza amancane alandelanayo kwingaphandle lamanzi ehamba kuzo zonke indlela.

 

 

Ngezinye izikhathi babona ukukhanya njenge ntuluntulu lezinhlayiya, njenge nhlavu, ehamba ngendlela eyodwa.

 

 

Ngeke kwenzeke ukuthi sikwazi ukuqonga ukuthi kuziphatha kanjani ukukhanya ngendlela ezimbili eziphikisanayo. kodwa kuyaziphatha.

Eyiphi indlela ekahle kakhulu ukuqonda ukuthi ukukhanya kubonisa kanjani ukuziphatha okungenakwenzeka? Uma ucabanga ngokukhanya njengamaza, ungakucabangi njengezinhlayiya ngaleso sikhathi. Kuleso sikhathi, uma ucabanga ngokukhanya njenge zinhlayiya, ungakucabangi njengamaza.

JOHANE 8:12 Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: "Mina ngingukukhanya kwezwe;

Uma uJesu engu kukhanya kwethu koMoya ngakho-ke kufanele abonise ukuziphatha ngendlela esithi ayinakwenzeka.

Kwezinye izikhathi uziphatha njengoMuntu. Kwezinye izikhathi uziphatha njengoNkulunkulu.

Kodwa uNkulunkulu unguMoya, uNkulunkulu akusi yinyama negazi.

 

JOHANE 4:24 UNkulunkulu unguMoya;

Ngakho-ke iNdoda yomuntu, enziwe ngenyama nangegazi, ngeke kube wuNkulunkulu.

JOHANE 20:28 UTomase waphendula, wathi kuye: "Nkosi yami, Nkulunkulu wami!"

Kepha uTomase wambiza ngoNkulunkulu.

Ngakho-ke kwenzeka kanjani lokhu okubonakala kungenakwenzeka futhi kuwukuhlanganiswa okudidanayo koMuntu no Nkulunkulu?

 

 

UJesu wahamba phezu kwamanzi olwandle lwaseGalile oku wukuthi okunakwenzeka ukuthi umuntu akwenze.

UJobe ukhuluma ngoNkulunkulu ethi:

JOBE 9:8 Oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;

UNkulunkulu yedwa ongahamba emanzini. Ngakho-ke uJesu, yeka ukuthi enguMuntu, kufanele ukuthi abe nguNkulunkulu.

Uthi akunakwenzeka. Ngizwelana nawe.

Kodwa kubukeka kungenakwenzeka ukuthi ukukhanya kube yizinhlayiya eziya kwibombo elilodwa, kuphinde kukwazi ukuphatha njengamaza abhekise amabombo kuzo zonke izindawo. Kodwa ukukhanya kwenza lokho nako. UKukhanya kuyimfihlakalo.

Ngakho-ke noNkulunkulu.

 

1 THIMOTHEWU 3:16 Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni,

Ngaleso sikhathi uJesu wahamba waya ezulwini ngomoya kalula ngelanga lakhe lokuhamba emhlabeni. Umuntu ngeke akwazi ukuyenza lento.

 

 

II USAMUWELI 22:11 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.

UNkulunkulu uhamba kalula emoyeni.

Kwaphinda futhi, loMuntu engakholakali waziphatha njengo Nkulunkulu.

 

 

Wavusa uLazaro ethuneni lakhe. UNkulunkulu Yedwa onganikeza ukuphila kumuntu ofile. UMuntu ngeke akwazi ukukwenza lokho.

Kwaphinda futhi uJesu waziphatha njengoNkulunkulu.

Waphinde wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ekwakuyisidlo sasemini somfana omncane.

 

 

Kuleso sikhathi kwenzeka into emangazayo. Ezandleni zakhe lokudla kwaphinda-phindana, kwagcwala kwaphinde kwagcwala amabhasikidi ayephethwe abafundi bakhe, ngakho-ke abafundi bakwazi ukupha abantu abawu 5000.

 

 

Ukukwazi ukwenza ukudla okuphekiwe ngaleso sikhathi akunakwenzeka kuMuntu. Kwaphinda futhu lokho ukuthi iNdodana yoMuntu uJesu aziphathe njengoNkulunkulu.

Ukukhanya kwemvelo, sitholile, ukuthi kukubili izinhlayiya namaza - ekubonisa imfihlakalo yokuhlangana kwalezinto ezimaqondana.

Ngakho-ke uJesu, Ukukhanya kwezwe, uyimfihlakalo yokuhlangana kokubili uMuntu noNkulunkulu.

1 KUTHIMOTHEWU 3:16 Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni,

Kusho ukuthi lokhu?

KWABASEKOLOSE 2:9 Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;

UNkulunkulu uguMoya. Wonke loMoya wawuhlala phakathi komzimba woMuntu uJesu.

 

 

JOHANE 5:19 Khona uJesu waphendula, wathi kubo: "Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

UBaba unguMoya ohlala phakathi.

INdodana inguMuntu lapho uNkulunkulu ebehlala khona.

Kuwo wonke umuntu, umoya ophakathi komuntu unamandla okulawula izenzo nemicabango yomzimba walowo muntu.

UJesu ulingana kanjani noBaba Wakhe, aphinde athi uBaba Wakhe mkhulu kunaye?

KWABASEFILIPI 2:6 Owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa noNkulunkulu,

JOHANE 14:28 ... : lokhu uBaba mkhulu kunami.

Umoya wakho nomzimba wakho ziyalinga zombili ngoba ziwuwe.

Kepha umoya wakho, owenza umqondo wakho, ungumphathi onamandla okulawula umzimba wakho.

IBhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu uBaba ngoba uNkulunkulu unguMoya.

IBhayibheli alikaze lathi " uNkulunkulu iNdodana".

 

 

INdodana iyinyama namathambo lapho uNkulunkulu ehlala khona.

Kodwa uNkulunkulu akasiyinyama namathambo. Ngalokho iNdodana ngeke ibe nguNkulunkulu.

Ngakho-ke iBhayibheli lithi "INdodana kaNkulunkulu".

 

Zama ubono omusha. Umoya ongabonakali ophakathi kwakho ngu "baba", kanye nomzimba wakho obonakalayo "indodana" le ethobela umoya ophakathi kwakho ongabonakali. Emva kwako konke umoya wakho unamandla okuphatha umzimba wakho futhi uyawukhuthaza ukuthi wenze lokhu okwenzayo.

Manje sinenkinga enkulu kakhulu masixoxa ngoNkulunkulu : uNkulunkulu akabonakali futhi ngeke umbone.

JOHANE 1:18 Akakho oke wabona uNkulnkulu; iNdodana ezelwe yoda esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

Ngeke sikwazi ukumbona uNkulunkulu ngoba unguMoya, amehlo ethu singabantu nazo zonke izikhali zokusebenza ngeke zikwazi ukubona umoya. Ngeke ukwazi ukuzi ukubona umoya wokuphila ongaphakathi kuwe.

JOHANE 5:37 NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.

UNkulunkulu unguMoya, futhi akanasimo eningasazi.

Ngalokho uNkulunkulu angeke abe nesandla sokunene.

Khumbula, uNkulunkulu waye bonakaliswe emzimbeni. UNkulunkulu (uBaba) wayenguMoya onamandla ongabonakali owayehlala phakathi kwendoda yomuntu uJesu, obizwa ngeNdodana kaNkulunkulu. Ukuziphatha komuntu kwabonisa imvelo yoMoya onamandla phakathi Kwakhe.

Umuntu, ngaphandle, wayengaphansi kwamandla okulawula woMoya ongaphakathi.

Lo kwakuyisibonelo esihle kithi sonke.

UNkulunkulu ufuna sizalwe kabusha lapho ebeka ingxenye yoMoya oNgcwele phakathi kwethu, futhi ufuna imizimba yethu ithobele noma inikezele kwintando yalo Moya oNgcwele ohlala phakathi kwethu.

 

 

IZENZO 2:17 Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;

1 KWABASEKORINTE 3:16 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?

 

IMimangaliso yoMoya kaNkulunkulu ukuthi ungathela phansi ukusuka ezulwini njenge mvula, kanye futhi nengxenye yoMoya ungangena ezinhliziyweni zabakholwayo.

 

UJEREMIYA 23:24 Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na? usho uJehova.

UMoya ongabonakali kaNkulunkulu ungaphakathi komzimba weNdodana yakhe, kepha usagcwalisa indalo yonke (universe), futhi uphinde utholakale phakathi kwamakholwa akhe. kwenzeka kanjani lokho?

Cabanga ngokwenzeka kumabonakude.

 

 

Lendoda imemezela izindaba lakusakazwa khona izinhlelo zika mabonakude.

Umfanekiso wakhe ubhekise kuyo yonke imibombo ukusuka emsakazweni ( In all directions). Amaza kamabonakude awabonakali (NjengoMoya kaNkulunkulu) uhambe phakathi kwamabonda onke ezindlu ubese ugcwalisa amagumbi nazo zonke izindawo ezivulekile phakathi kwawo.

Ayikho into engasesha lamaza - ngaphandle kokuthi kunomamukeli obalulekile obizwa ngokuthi umsakazo kamabonakude (television set).

Ngakho-ke umfanekiso womethuli zindaba uvela kuwo wonke umabonakude osebenzayo.

Kubukeka sengathi kunabantu abahlanu abakhona. Kodwa kunomuntu oyedwa, lomsakazi ongakwazi ukumxhawula isandla. Ngeke ukwazi ukuxhumana nale eminye imifanekiso emine ekwezinye izibuko. Ungakwazi ukubamba ingilazi yesibuko sikamabonakude, hayi umuntu.

Ngokufanayo uNkulunkulu ukhomba uMoya Wakhe "noma kubani ofunayo", kodwa loMoya oNgcwele ungakwazi ukuseshwa ikholwa elinehliziyo ephendukile. Igazi likaNkulunkulu lihlanza izihliziyo zethu ukuze sibe "nezibuko" ezihlanzekile ukubonakalisa noma ukubonisa uMoya kaNkulunkulu ongaphakathi kwethu.

Yebo, Ngithe igazi likaNkulunkulu.

UPawulu, ekhuluma namalunga ase-Efesu, wathi:

IZENZO 20:28 Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.

Cishe kukaningi sithola ukuthi lomuntu ongakholakali obizwa ngoJesu ungumangaliso ukuhlanganiswa kokubili uMuntu noNkulunkulu.

Oososayensi bafisa sengathi ukukhanya kwakungamaza noma izinhlayiya. Kodwa kuyiko kokubili.

KWABASEGALATHIYA 2:20 Ngibethelwe kanye noKristu; akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi;

KWASEROMA 8:10 Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.

UMoya oNgcwele nguKristu ohlala ngaphakathi kwethu.

Kune Nkosi eyodwa. UJesu yiyo leyoNkosi. futhi leyoNkosi inguMoya.

KWABASEFILIPI 2:11 Nezilimi zonke zimume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI,

II KWABASEKORINTE 3:17 INkosi inguye uMoya;

KWABASE-EFESU 4:5 Yinye iNkosi

 

Ngeke sikwazi ukubona uNkulunkulu njengoba enguMoya ongabonakali futhi ongenasimo.

Singakwazi ukubona umzimba ahlala kuwo uNkulunkulu.

Ake sibheke ukuthi kuthiwani makuthiwa " Isandla sokunene sikaNkulunkulu".

Lokhu kufanele kube wuphawu ngoba uNkulunkulu uBaba akanasimo, futhi ngalokho akanasandla.

KuLwandle Olubovu, ngesikhathi abaseGibhithe weshona olwandle, uMose wacula :

U-EKSODUSI 15:6 Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.

 

 

Amandla kaNkulunkulu aphawulwa njenge sibhakela esinamndla esalwa nesitha saqeda.

UNkulunkulu wayengabonakali kulendawo. Kodwa amandla Akhe ayebonakala kumonakalo omubi kakhulu wesitha sishona olwandle.

Umangabe besizozama ukwenza lomdlalo, singawufanisa nesibhakela sesandla sokunene esomshayi sibhakela eshaya omunye kumqhudelwano.

 

 

Isandla sokunene somuntu siwuphawu olukhu lwamandla.

MATHEWU 26:64 UJesu wayesethi kuye: "Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu."

La uJesu uchaza ukuthi isandla sokunene siwuphawu lamandla.

LUKA 22:69 Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.

Lamandla uJesu azowabonakalisa akusi amandla womuntu, njengomdlalo wesibhakela, kodwa amandla amakhulu emvelo kaNkulunkulu, cishe kufana nalokho okwabonwa uMose kuLwandle Olubovu.

 

KUMAHEBERU 1:3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

UMoya omkhulu wemvelo kaNkulunkulu wahlala kumzimba kaJesu. Izenzo zomuntu obizwa ngoJesu wabeka okubonakalisa noma wakhombisa umlinganiswa woNkulunkulu ongabonakali owayehlala phakathi kwakhe.

UJesu waye yiSisebenzi, Umsebenzi, umhlabebelo, Oweza wazofela izono zethu.

Umsebenzi ofunekayo kwinkampani ubizwa nge "Ndoda yesandla sokunene" somphathi (right hand man of the boss).

Isandla sokunene somuntu isona esimvumelayo ukuthi enze umsebenzi wakhe futhi abonise amakhono akhe.

 

 

KUMAHEBERU 1:3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

Ukubeka izandla zethu kwisandla sokunene sikaNkulunkulu yinto enhle kakhulu, ukuchaza ukuthi anjani amandla kaNkulunkulu, uma sihlala neZwi Lakhe, ukwazi ukusiletha kuyo yonke imizamo nezilingo zalomhlaba.

 

 

KUMAHEBERU 1:3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

 

 

IKalivari kwaku ngamandla angempela. Yilapho isono noSathane bathola isibhakela esabaqeda.

U-ISAYA 49:16 Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,

Amazipho asezandleni Zakhe abhala amagama ethu ezandleni Zakhe.

 

KUMAHEBERU 1:3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

UJesu wahlala phansi "esandleni sokunene" noma "amandla" oMkhulu kweliphezulu. Ayikho indumiso engaphezulu.

OMkhulu (Majesty) ubhekise kwiNkosi. UJesu uyiNkosi yamaKhosi.

ISAMBULO 19:16 Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI.

Ngakho-ke uJesu unawo wonke amandla njengeNkosi yeZulu noMhlaba.

MATHEWU 28:18 UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: "Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.

ISAMBULO 1:8 "Mina ngingu-Alfa no-Omega,"kusho iNkosi uNkulunkulu, "okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke."

UnguMninimandla onke. Unawo wonke amandla uNkulunkulu. Amagama ethu abhalwe ezandleni zakhe.

 

 

Ngaleyo-ndlela ikusasa lethu livikelekile. Isandla sakhe sokunene siphawula amandla akhe amakhulu. Awona mandla esinawo ezandleni zethu yilapho sizihlanganisa sikhuleka.

1 KWABASETHESALONIKA 5:17 Khulekani ningaphezi.

AmaKristu amaningi acabanga ukuthi uStefanu wabona ubuNkulunkulu (Godhead) obabantu ababili ezulwini mayefa.

IZENZO 7:55 Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

56 Wathi: " Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu."

 

 

Lo mfanekiso ubonisa abantu ababili, ngakho-ke abukho ubufakazi bothixo abathathu (Trinity) - ethi kukhona abantu abathathu esihlahlweni sobuNkhulunkulu. Lo mfanekiso usetshenjiswa Ofakazi BakaJehova (Jehovah Witnesses), nabanye, abakholwa ukuthi kwisihlalo sobuNkulunkulu (Godhead) kunabantu ababili.

Lo Mbhalo ubonisa abantu ababili. Awukho uMbhalo obonisa abantu abathathu. Ngakho-ke amaJehova witness athola amaphuzu kulombhalo ukudlula amaTrinatarians.

 

Kodwa ukuba nabantu ababili kwisihlalo sobuNkulunkulu kuphikisana neminye imiBhalo.

JOHANE 4:24 UNkulunkulu unguMoya;

UMoya awubonakali.

JOHANE 1:18 Akakho oke wanona uNkulunkulu;

JOHANE 5:37 NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.

Ngakho-ke umfanekiso engiwudwebile kaBaba uNkulunkulu awulungile ngoba uNkulunkulu akana simo.

U-ISAYA 43:11 Mina, mina nginguJohova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.

Ngeke ubone uMsindisi, uJesu, emi eduze kukaNkulunkulu. Lokhu akukho emiBhalweni.

Ngakho-ke wabonani uStefanu?

IZENZO 7:55 Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesonene sikaNkulunkulu,

UStefanu wabona inkazimulo kaNkulunkulu. Le yinto eyayikhazimula.

 

 

MATHEWU 26:64 UJesu wayesethi kuye: " Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesonene saMandla, iza emafwini ezulu."

Lapha uJesu ubonisa ukuthi isandla sokunene wuphawu lamandla.

LUKA 22:69 Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesonene samandla kaNkulunkulu.

Isandla sokunene sikaNkulunkulu ongabonakali futhi nongenasimo ( OnguMoya akanaso isandla sokunene) uwuphawu lamandla Akhe amakhulu emvelo. UStefanu wayefa ukufa okubi kakhulu. WayenguMKristu marty ( Christian martyr) wakuqala. Ngakho-ke uJesu wamnika umbono (Vison) Wakhe eseZulwini, obonisa ukuthi uJesu unawo wonke amandla phezu kokuphila nokufa, okubi nokuhle. Noma kubukeka engathi kumhambela kabi konke uStefanu, lo mbono wambonisa ukuthi uJesu unamandla onke okuphatha zonke lezimo. Umoya kaStefanu uzoya eZulwini, futhi uzovuka emuva kweminyaka eyi 2 000 kuvuko lokuqala.

 

 

Lo mbono kwakuwoko kukhuthaza uStefanu ukuthi azi ukuthi uJesu unamandla okuvusa abafileyo. Ngakho-ke noma ngabe wafa uStefanu, uJesu wayezomvusa ngesikhathi sovuso.

IZENZO 7:56 Wathi: "Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu."

UJesu wayeme eZulwini emandleni amakhulu emvelo kaNkulunkulu, amNikeza amandla phezu kokufa, Hayidesi*, nethuna. UStefanu wabukeka elahlekile kodwa wayephephile kakhulu.

Awekho amandla kaSathane amakhulu kuna mandla we" sandla sokunene" sikaNkulunkulu.

IZENZO 7:55 Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

Ingabonakala kuphi lenkazimulo kaNkulunkulu ?

II KWASEKORINTE 4:6 Ngokuba uNkulunkulu owathi: "Akuvele ukukhanya ebumnyameni," kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.

 

 

Kuno kukhanya okukhazimulayo, okukhazimula kubuso bukaJesu Kristu.

Lenkazimulo enkulu yemvelo ( supernatural) iphuma ebukhoneni bukaNkulunkulu omkhulu ohlala phakathi Kwakhe.

Ngaleyo-ndlela uJesu ungubuso bukaNkulunkulu. Umfanekiso ofuze uNkulunkulu ongabonakali.

 

 

Kukhulunywa ngoJesu, uPawulu:

KUMAHEBERU 1:3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo,

UNkulunkulu wenza umthetho wokuthi akukho muntu oyokwenza umfanekiso kaNkulunkulu, ngoba ngeke bakwazi ukuwenza.

ULEVITIKUSI 26:1 Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe

UNkulunkulu yedwa ongenza umuntu ngomfanekiso Wakhe. Lo kwaku wumuntu uJesu. Ngakho-ke uNkulunkulu uzohlala phakathi kwalowo mfanekiso.

Lokhu okulandelalayo eminye yemifanekiso engaphasanga yokupenda noma ukwenza ufanekiso kaNkulunkulu. AmaPagans namaKristu, bathanda ukulandela i-(triune Godhead).

Lobunkulunkulu babantu abathathu abanamagama amathathu (trinity) busuka eGibhithe.

 

 

Isihlalo sobukhosi simele izithixo zabo. Abantu abathathu abenza unkulunkulu.

Le trinity iphuma lekude empuma (East). Amakhanda amathathu emzimbeni owodwa. ( Three-in-one).

 

 

Lomfanekiso we 3-in-1 trinity ( Amakhanda amathathu emzimbeni owodwa) uphuma kumaHindu e-Indiya.

 

Umfanekiso olandelayo uphuma ebandleni laseRoma ( Roman Catholic church artist).

 

 

Qaphela uBaba uNkulunkulu ugqoke isigqoko sobukhosi (crown) sikaPope. Kodwa ngo 1963 uPope omusha, uPaul VI, wasikhipha lesigqoko sobukhosi emuva kokubekwa kwakhe, ukusukela ngalelolanga zange siphinde sigqokwe. Ngakho-ke lomfanekiso uphelelwe.

Elandelayo iTrinity ngumbono weProtestant. Ibonisa uMoya oNgcwele njengeJuba hayi umuntu. Le ndlela yokucabanga ihole amaJehova witness nabanye ukuthi bathi kunaBantu ababili esihlalweni sobuNkulunkulu (Godhead). UNkulunkulu onguBaba, kanye neNdodana yakhe engunkulunkulu omcane.

 

 

Imicabango yabantu ayikwazi ukukhawula. Uma abantu beqala ukwenza noma bependa imicabango yabo kaNkulunkulu, zonke lezinto nezinye zenziwa abantu abahlakaniphile.

Zonke lezinto nalemifanekiso engalungile imele uNkulunkulu ngoba akabonakali futhi akanasimo.

Kodwa uNkulunkulu onamadla onke wenza umuntu, uJesu Kristu, ukuze kuhlale konke ukugcwala kukaNkulunkulu phakathi kwalomuntu. UJesu wasibonisa ukuthi uNkulunkulu ubeyokuba njani umangabe ebewumuntu.

 

JOHANE 14:9 UJesu wathi kuye: " Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: 'Sikhombise uYihlo,' na?

Ngakho-ke uJesu Kristu wuwona mfanekiso onembayo ukuthi unjani uNkulunkulu.

Fanekisa uJesu emqondweni wakho. Lokho okusondeleyo oyoze ukuthole uma ufuna ukwazi ukuthi unjani uNkulunkulu.

1 KAJOHANE 5:20 Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.

21 Bantwanyana, zilindeni ezithombeni. Amen.

UJesu Kristu unguNkulunkulu weqiniso kwisimo somuntu. UnguMhlengi wethu. UnguNkulunkulu, kodwa futhi uphinde Abe nguMuntu. Ngoba unguMuntu, Uyasiqonda thina bantu. Wasabela impilo yethu kulo mhlaba . Njengo muntu ofana nathi Uyasithanda. Njengoba sithanda abanye abantu, namaphutha wabo.

 

Umcabango wokugcina.

Umama kaJakobe no Johane wacela lokhu:

MATHEWU 20:21 ..."Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho."

 

 

UJesu azange athi lokhu akuna kwenzeka.

MATHEWU 20:23 ... Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.

Ngakho-ke kuzobe kunamadoda kwesokhohlo namanye amadoda kwesokunene kumbuso wakhe.

Ngaleyo-ndlela lomfanekiso olandelayo wesihlalo sobukhosi, obonisa uJesu noNkulunkulu uBaba, awunakwenzeka:

 

 

UJesu ngeke akwazi ukuba kwisandla sokunene sikaNkulunkulu uBaba njengomuntu ohlukanisiwe.

 

 

Bese uNkulunkulu uBaba ozoba sesandleni sokhohlo sikaJesu.

Ngalokho umfanekiso ozayo wasembusweni ukuzobukeka kanjena:

 

 

Kuzobe kunesikhala somuntu oyedwa kwisandla sokunene Sakhe.

Kodwa uJesu wathi kwizindawo zesandla sokhohlo nesandla sokunene akukabekwa muntu.

Ngakho-ke uNkulunkulu uBaba uhlala njengoMoya ongabonakali phakathi komzimba kaJesu, nabalandeli abakhulu bebhayibheli bazohlala kwesokhohlo nakwi sandla sakhe sokunene.

UJesu uthola amandla Wakhe kuNkulunkulu ongaphakathi Kuye. "Isandla sokunene" soMoya ongabonakali yilamandla.

Kodwa uJesu, njengoMuntu, unezandla ezimbili. Amadoda amabili angahlala kunoma yiliphi icala Lakhe.

Amandla wethu wangempela aphuma kuphela kuMoya kaNkulunkulu ongaphakathi kwethu.

 

“Umusa weNkosi uJesu mawube nani.” — 1 kwabaseKorinte 16:23